Pick n Pay
Loading   

Imigomo nemibandela yekhadi

1

Ikhadi lakwa-Pick n Pay le-smart shopper linikezelwa futhi lihlale liyimpahla yakwa-Pick n Pay Group noma iziphi ezinye izitolo ezixhaswe uyena noma izinkampani ezihlobene nazo. U-Pick n Pay ugodle ilungelo lokulandula, ukunikezela kanye nokuhoxisa ikhadi le-smart shopper nganoma isiphi isikhathi.

2

Kudingeka ukuba ulethe incwadi kamazisi yaseNingizimu Afrika (noma Inombolo Yephasiphothi kulabo abangazona izakhamizi zaseNingizimu Afrika) ukuze ukwazi ukubhalisa, ukushintsha amaphuzu akho owathola ngokusebenzisa i-smart shopper, ukushintsha imininingwane yakho noma ukulawula ikhadi lakho le-smart shopper kanye namaphuzu.

3

Ikhadi le-smart shopper alidluliseleki komunye umuntu.

4

Ukuze uzuze amaphuzu nge-smart shopper uma uthenga, ikhadi lakwa-Pick n Pay le-smart shopper kumele likhishwe ezindaweni zokukhokha zakwa-Pick n Pay ngesikhathi kuthengwa ukuze izinto ezithengiwe zizoqoshwa phansi. Uma lingekho ikhadi elikhishiwe lapho kukhokhwa khona ngaphambi kokuba kwenziwe inkokhelo yezimpahla ezithengiwe, amaphuzu e-smart shopper angeke azuzwe ngalokho kuthenga. Ngaphezu kwalokho angeke ukwazi ukuzuza amaphuzu e-smart shopper emva kwesikhathi ngokuthenga okwenze esikhathini esidlule lapho ikhadi le-smart shopper lingakhishwanga khona.

5

NgeRandi ngalinye laseNingizimu Afrika elisetshenziswe ukuthenga izimpahla ezifanelwe ukuzuza amaphuzu, iphuzu le-smart shopper liyokuzuzwa. Awekho amaphuzu e-smart shopper azuzwayo kumanani angamaSenti.

6 Izinto ongeke wakwazi ukuzuza amaphuzu e-smart shopper kuphela kuzo uma uzithenga izinto zokubasa njengezinkuni namalahle, ugwayi kanye neminye imikhiqizo ehlobene nogwayi, ikhadi Lezipho lakwa-PnP nokugcwalisa imali ekhadini, ukudluliswa kwemali, izimpahla zemithi yokwelapha enqunywe udokotela, i-PnP Travel kanye nemisebenzi eyenzelwa abanye abantu kanye nezinkokhelo ezibandakanya, kodwa ezinganqunyelwe kugesi kuphela, ukukhokhela izimali ze-USA Visa, ukukhokhela izimali ze-Axxess ADSL, Umshwalense we-Hollard, i-U-Kash, ivawusha Yomjikelezo we-SAA, ukukhokhela izimali ze-Austrian Visa, i-Just Surf, ukukhokhela izindlu, ukukhokhela wonke amathikithi e-Lotto, amathikithi e-SAA kanye nawamabhasi, u-Multichoice, izinhlawulo zamathikithi omgwaqo, Ama-Splashout Mall Cards kanye nokuhola impesheni. U-Pick n Pay ugodle ilungelo lokuthi nangasiphi isikhathi akwazi ukukhipha imikhiqizo ethile ukuthi ingabe isakwazi ukuzuza amaphuzu e-smart shopper ngokuzithandela kwakhe.
7

Abanikazi bamakhadi akwa-Discovery bangabhalisa ohlelweni lwekhadi le-smart shopper bese bethola imihlomulo kuzona zozimbili izikimu. Ukukhishwa kanye nokudluliswa emshinini wokukhokha kwawo womabili amakhadi kuyadingeka ukuze uthole imihlomulo yazo zozimbili izikimu.

8

Amaphuzu e-smart shopper ayovezwa kwi-akhawunti yakho ye-smart shopper ezinsukwini ezi-5 kusukela osukwini othenge ngalo.

9

Uma useqoqe amaphuzu akho ayi-1000 okuqala e-smart shopper (kuncike esikhathini esiyizinsuku ezi-5 esishiwo kwiphuzu 8 ngenhla) uyokwazi ukushintsha amaphuzu akho e-smart shopper uwenze abe imali ewukheshi noma unikele ngamaphuzu akho e-smart shopper kwinhlangano ebhekelela abantu abahluphekayo ozikhethele yona ekuqaleni. Awuphoqelekile ukushintsha noma ukunikela ngamaphuzu akho e-smart shopper uma usuqoqe amaphuzu e-smart shopper ayi-1000. Ungawonga aze abe maningi ngendlela ofisa ngayo. Ungashintsha noma unikele kuphela ngamaqoqo amaphuzu e-smart shopper ayi-100.

10

Ukuze ukwazi ukubheka amaphuzu e-smart shopper kanye nokuwashintsha kuncike ekutheni amakiyoski ayatholakala yini ngekhompuyutha ngaphakathi esitolo.

11

U-Pick n Pay ugodle ilungelo lokushintsha isamba senani lamaphuzu e-smart shopper ngokuzithandela kwakhe.

12

Amaphuzu e-smart shopper angashintshwa abe yinani lemali aselingana nalo noma anikelwe enhlanganweni ebhekelela abantu abahluphekayo kunoma iyiphi ikiyoski ye-smart shopper esesitolo sakwa-Pick n Pay esingaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika, ngaphandle uma kushiwo okunye okuhlukile.

13

Amathuba okuzuza amaphuzu e-smart shopper engeziwe ayonikezelwa ngokuzithandela kwe-Pick n Pay.

14

Amaphuzu e-smart shopper kanye nemali ezuzwe ngokushintshwa kwamaphuzu e-smart shopper kuzokuba semthethweni isikhathi esiyiminyaka emithathu. U-Pick n Pay ugodle ilungelo lokuvala nanoma iyiphi i-akhawunti ye-smart shopper engakaze isetshenziswe (okungekho amaphuzu azuziwe, ashintshiwe noma anikeliwe) esikhathini esiyizinyanga ezingama-24 ezilandelanayo. Amaphuzu e-smart shopper kanye nemali ekhona kulawo ma-akhawunti avaliwe kuyolahleka.

15

Amaphuzu e-smart shopper azuzwe ekuthengweni kwezimpahla lapho izimpahla zibuye zaphindiselwa esitolo emva kwesikhathi ayodonswa kwibhalansi yakho yamaphuzu e-smart shopper kwi-akhawunti yakho ye-smart shopper.

16

Ikhadi lakho le-smart shopper lakwa-Pick n Pay angeke likwazi ukusetshenziswa njengekhadi lesikweletu (ikhredithi khadi), lokudonsa imali (idebhithi khadi) noma njengekhadi lokunikeza igaranti (ikhadi lokuqinisekisa).

17

U-Pick n Pay ugodle ilungelo lokuguqula noma ukushintsha imibandela yokusebenza kohlelo lwekhadi le-smart shopper noma ukulivala nganoma isiphi isikhathi. Esimweni sokuvalwa kohlelo, amaphuzu e-smart shopper ayohlala esemthethweni isikhathi esiyizinsuku ezingama-30. Imiklomelo yemali engukheshi eyenziwe kwi-akhawunti yomthengi yona angeke ithinteke.

18

Esimweni sesiteleka esithathe isikhathi eside noma isiteleka sabasebenzi, u-Pick n Pay ugodle ilungelo lokumisa ukushintshwa kwamaphuzu e-smart shopper ukuba imali engukheshi isikhathi esiyochazwa uyena ngokuzithandela kwakhe.

19

Imali eqokelelwe ngokushintshwa kwamaphuzu e-smart shopper ihlala njalo iyimali esemqoka. Akekho umthengi oyothola imali engukheshi kwisikimu se-smart shopper. Inani lemali lifakwa ekhadini le-smart shopper esikhathini lapho ikhadi liqala khona ukusebenza njengekhadi lezipho.

20

Inombolo kamakhalekhukhwini esemthethweni, kanye/noma ikheli lokuposa, kanye/noma ikheli le-imeyili kuyodingeka kumuntu ngamunye ongumnikazi wekhadi le-smart shopper lakwa-Pick n Pay ngakho konke ukuxhumana. Akukho ukuxhumana okuyothunyelelwa kwizinombolo zocingo, amakheli okuposa noma amakheli e-imeyili angaphandle kwaseNingizimu Afrika.

21

Asisoze sabelana nanoma iyiphi inkampani ngolwazi oluqondene nawe ngaphandle uma kunesidingo sokusebenza kohlelo lwe-smart shopper kuphela.

22

Ngawo wonke amakhadi alahlekile, antshontshiwe noma onakele, xhumana noMphathi Wemisebenzi Yabathengi wakho osesitolo ukuze akusize, noma Isikhungo Sezingcingo sakwa-Pick n Pay ku-0800 11 22 88. Ungalayela u-Pick n Pay ukuthi avimbe/avale ikhadi lakho elilahlekile, elintshontshiwe noma elonakele ukuthi lingabe lisasebenza bese ucela ikhadi elisha.

23

Amaphuzu e-smart shopper asekhadini elilahlekile/elintshontshiwe/elonakele angadluliselwa ekhadini lakho elisha. Yize kunjalo, noma iliphi inani lemali elisekhadini elilahlekile/elivinjelwe ukusebenza angeke likwazi ukubuyiswa. Uma amaphuzu e-smart shopper asekhadini ebeseshintshiwe noma abesenikeliwe ngaphambi kokuba ikhadi livinjelwe ukusebenza, angeke kube khona ukubuyiswa kwenani lamaphuzu e-smart shopper. U-Pick n Pay angeke aze abekwe icala ngokulahleka kwamaphuzu e-smart shopper noma inani lemali.

24

Nanoma yikuphi ukuxhashazwa noma ngabe okwaluphi uhlobo kwekhadi le-smart shopper yinoma yimuphi umuntu kudala icala lobugebengu kanti-ke uPick n Pay ugodle ilungelo lokusula ubulungu balowo muntu kanye nokugodla wonke amaphuzu e-smart shopper kwi-akhawunti yakhe lowo muntu. Amakhadi okungewona noma angekho emthethweni noma izinombolo zamakhadi ezingafanele angeke zinikezwe amaphuzu e-smart shopper.

25

Ukubhaliswa njengelungu lohlelo lwe-smart shopper kukhombisa ngokungephikiswe ukuvumelana kwakho Nemigomo Nemibandela engasenhla.


Imibandelo ethile emayelana namavawusha e-smart shopper

1

Amavawusha e-smart shopper anikezelwa u-Pick n Pay ohlwini olukhethwe ekuqaleni lwabathengi ngokwendlela abathenga ngayo ngesikhathi esithile esitolo.

2

Amavawusha e-smart shopper asemthethweni kuzona zonke izitolo zakwa-Pick n Pay eziseNingizimu Afrika lapho imikhiqizo efanele ukuthengwa ngamavawusha e-smart shopper itholaka khona, uma isitokwe sisekhona.

3

Amavawusha e-smart shopper asemthethweni isikhathi esithile njengoba sinqunywe u-Pick n Pay. Isikhathi esifanelekile sokuba semthethweni sizokhonjiswa kumavawusha e-smart shopper.

4

Amavawusha e-smart shopper kufanele adluliswe emshinini wokukhokha, kanyekanye nekhadi le-smart shopper lomnikazi we-akhawunti.

5

Amavawusha e-smart shopper kumele asetshenziswe kuphela umnikazi we-akhawunti ye-smart shopper futhi angeke akwazi ukudluliselwa komunye umuntu.

6

Ivawusha ye-smart shopper ingaphrintwa kanye nje vo. Akukho ukuphrintwa kabusha kwamavawusha okutholakalayo.

7

Ivawusha ye-smart shopper ingasetshenziselwa kuphela ukuthenga okukodwa nje vo – emva kwalokho izokuba ingasekho emthethweni.

8

Ivawusha ye-smart shopper izokuba semthethweni ngokusebenzisa umgomo wokuthi “uma isitokwe sisekhona” kuphela.

9

Nganoma yiziphi izinkinga ngokuphrintwa kwamavawusha noma ikiyoski ye-smart shopper engasebenzi sicela uxhumane nomeluleki wakho wabathengi osesitolo ukuze akusize.


Siyabonga